1 Usamuweli 4:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Owaletha umbiko waphendula wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti; kwakukhona ukubulawa okukhulu phakathi kwabantu; amadodana akho omabili oHofini noFinehasi afile, nomphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”

18. Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango, kwaphuka intamo yakhe, wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

19. Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe, wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.

20. Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba ubelethe indodana.” Kepha akaphendulanga, akakunakanga.

21. Wamqamba umntwana ngokuthi u-Ikabodi,* ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe.

22. Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”

1 Usamuweli 4