5. Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye.
6. Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye.
7. Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.
8. Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa.