24. Ngubani oyakunilalela kule ndaba na? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba njalo isabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulingeneyo.”
25. Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.
26. UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: “Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:”
27. kwabaseBethele, nakwabaseRamoti laseNingizimu, nakwabaseJatiri,
28. nakwabase-Aroweri, nakwabaseSifimoti, nakwabase-Eshitemowa,
29. nakwabaseRakali, nakwabasemizini yamaJerameli, nakwabasemizini yamaKheni,
30. nakwabaseHorma, nakwabaseBori Ashani, nakwabase-Athaki,
31. nakwabaseHebroni, nasezindaweni zonke lapho uDavide uqobo nabantu bakhe bebejwayele ukuhamba khona.