1 Usamuweli 30:24-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Ngubani oyakunilalela kule ndaba na? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba njalo isabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulingeneyo.”

25. Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.

26. UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: “Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:”

27. kwabaseBethele, nakwabaseRamoti laseNingizimu, nakwabaseJatiri,

28. nakwabase-Aroweri, nakwabaseSifimoti, nakwabase-Eshitemowa,

29. nakwabaseRakali, nakwabasemizini yamaJerameli, nakwabasemizini yamaKheni,

30. nakwabaseHorma, nakwabaseBori Ashani, nakwabase-Athaki,

31. nakwabaseHebroni, nasezindaweni zonke lapho uDavide uqobo nabantu bakhe bebejwayele ukuhamba khona.

1 Usamuweli 30