1 Usamuweli 30:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi;

12. bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi, izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

13. UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi na?”Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki, kepha inkosi yami yangishiya, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.

14. Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”

1 Usamuweli 30