1 Usamuweli 30:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,

2. athumba abesifazane ababe phakathi, abancane nabakhulu engabulalanga muntu, abamukisa, ahamba indlela yawo.

3. Lapho uDavide nabantu bakhe befika emzini, bheka, wawushisiwe ngomlilo; omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo babethunjiwe.

4. UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.

5. NawomkaDavide bobabili babethunjiwe, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli.

6. UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.

7. UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: “Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe.” U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.

8. UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngixoshe lelo viyo na? Ngingalifica na?”Wamphendula wathi: “Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.”

9. Wayesehamba uDavide, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, wafika emfudlaneni iBesori, lapho kwahlala khona amasalela.

10. Kodwa UDavide waxosha, yena nabantu abangamakhulu amane, ngokuba abangamakhulu amabili basala emuva, bezukekile ukuze bangaweli umfudlana iBesori.

1 Usamuweli 30