1 Usamuweli 3:19-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.

20. Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumprofethi kaJehova.

21. UJehova waphinda wabonakala eShilo, ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.

1 Usamuweli 3