1 Usamuweli 3:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka-Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane.

2. Kwathi ngaleso sikhathi u-Eli elele endaweni yakhe -- amehlo akhe ayeqale ukufiphala waze wangaba nakho ukubona --

3. isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi, uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,

4. uJehova wambiza uSamuweli; wathi yena: “Ngilapha.”

1 Usamuweli 3