1. Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka-Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane.
2. Kwathi ngaleso sikhathi u-Eli elele endaweni yakhe -- amehlo akhe ayeqale ukufiphala waze wangaba nakho ukubona --
3. isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi, uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,
4. uJehova wambiza uSamuweli; wathi yena: “Ngilapha.”