1 Usamuweli 28:20-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. USawule wayesewela phansi ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye, ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.

21. Owesifazane wafika kuSawule, wabona ukuthi wesaba kakhulu, wathi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile ukuphila kwami esandleni sami; ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi.

22. Ngalokho mawulilalele izwi lencekukazi yakho, ngibeke ucezu lwesinkwa phambi kwakho; yidla ukuba uthole amandla, nxa uhamba indlela yakho.”

23. Kepha wala wathi: “Angiyikudla.” Kodwa zamcindezela izinceku zakhe kanye nowesifazane, walilalela izwi labo. Wayesevuka emhlabathini, wahlala embhedeni.

24. Owesifazane wayenethole elikhuluphalisiweyo endlini; washesha walibulala; wathatha impuphu, wayixova, wenza isinkwa esingenamvubelo ngayo,

25. wasiletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe, badla. Base besuka bahamba ngalobo busuku.

1 Usamuweli 28