1. Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.”
2. UDavide wathi ku-Akhishi: “Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.”U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi wekhanda lami kuze kube nini.”
3. USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.
4. AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.
5. Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.
6. USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.
7. Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye.”Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”