1 Usamuweli 28:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.”

2. UDavide wathi ku-Akhishi: “Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.”U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi wekhanda lami kuze kube nini.”

3. USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.

4. AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.

5. Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.

6. USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.

7. Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye.”Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”

8. USawule waziguqula, wembatha ezinye izingubo, wahamba yena nabantu ababili benaye, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: “Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele engiyakumusho kuwe.”

9. Owesifazane wathi kuye: “Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni, ukuba unqumile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na?”

10. USawule wafunga uJehova kuye owesifazane, wathi: “Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho.”

11. Wayesethi owesifazane: “Ngiyakukwenyusela bani na?”Wathi: “Ngenyusele uSamuweli.”

12. Lapho owesifazane embona uSamuweli, wamemeza ngezwi elikhulu; owesifazane wakhuluma noSawule, wathi: “Ungikhohliseleni na? Ngokuba unguSawule.”

1 Usamuweli 28