1 Usamuweli 26:16-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Akukuhle okwenzileyo. Kuphila kukaJehova, nimelwe ukufa, ngokuba anilindanga inkosi yenu, ogcotshiweyo kaJehova. Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.”

17. USawule walazi izwi likaDavide, wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?”UDavide wathi: “Yizwi lami, nkosi yami, nkosi.”

18. Wathi: “Inkosi yami iyixoshelani inceku yayo na? Ngokuba ngenzeni na? Ngububi buni obusesandleni sami na?

19. Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’

20. Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noJehova, ngokuba inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa, njengalokhu kuzingelwa intendele ezintabeni.”

1 Usamuweli 26