1 Usamuweli 26:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. AbaseZifi beza kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane na?”

2. USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane.

3. USawule wamisa entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane.

4. UDavide wayesethuma izinhloli, wazi ukuthi uSawule ufikile impela.

5. UDavide wasuka, weza endaweni uSawule amise kuyo; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo, eno-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.

6. UDavide wayesethatha washo ku-Ahimeleki umHeti naku-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, ethi: “Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu* na?”U-Abishayi wathi: “Ngiyakwehla nawe.”

7. ODavide no-Abishayi bafika kubantu ebusuku; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni, umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.

8. U-Abishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.”

1 Usamuweli 26