5. UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi; uDavide wathi kuzo izinsizwa: “Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami,
6. nithi kumfowethu: ‘Ukuthula makube kuwe, ukuthula nakube kuyo indlu yakho, ukuthula makube kukho konke onakho.
7. “ ‘Manje sengizwile ukuthi unabagundi; abelusi bakho babe nathi, asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli.
8. Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.’ ”
9. Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawo mazwi egameni likaDavide, bese zilinda.
10. UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.
11. Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?”
12. Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide endleleni yazo, zabuyela, zamtshela onke lawo mazwi.
13. UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.
14. Kodwa enye yezinsizwa yamtshela u-Abigayili umkaNabali, yathi: “Bheka, uDavide wathuma izithunywa zivela ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu, kepha yazithukuthelela.
15. Nokho labo bantu basiphatha kahle, asilimalanga, asilahlekelwanga lutho zonke izinsuku sisahambisana nabo sisendle;