1 Usamuweli 25:41-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”

42. U-Abigayili washesha wasuka, wakhwela imbongolo kanye nezintombi zakhe ezazihamba naye; wazilandela izithunywa zikaDavide, waba ngumkakhe.

43. UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili.

44. Kepha uSawule wayesemnike uPaliti indodana kaLayishi waseGalimi uMikhali indodakazi yakhe.

1 Usamuweli 25