1 Usamuweli 25:40-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. Izinceku zikaDavide sezifikile ku-Abigayili eKarmeli, zakhuluma kuye, zathi: “UDavide usithumile kuwe ukuba akuthathe, ube ngumkakhe.”

41. Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”

42. U-Abigayili washesha wasuka, wakhwela imbongolo kanye nezintombi zakhe ezazihamba naye; wazilandela izithunywa zikaDavide, waba ngumkakhe.

43. UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili.

1 Usamuweli 25