11. Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.
12. UJehova makahlulele phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kuwe, kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho.
13. Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela okubi;’ ngalokho isandla sami asiyikuba phezu kwakho.
14. “Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.
15. UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”
16. Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.
17. Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.
18. Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle, njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga.
19. Ngokuba uma umuntu efica isitha sakhe, uyasivumela ukuba sihambe ngendlela enhle na? UJehova makakuphindisele ngokuhle ngokwenzileyo kimi namuhla.
20. Manje bheka, ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela, nombuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.
21. Ngalokho ngifungele uJehova ukuthi awuyikunquma inzalo yami emva kwami nokuthi awuyikwesula igama lami endlini kababa.”
22. UDavide wafunga kuSawule; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.