9. UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.”
10. Wayesethi uDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwa ukuthi uSawule ufuna ukuza eKeyila ukuba achithe umuzi ngenxa yami.
11. Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na? Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho.”Wathi uJehova: “Uyakwehla.”
12. Wayesethi uDavide: “Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?”Wathi uJehova: “Bayakukukhaphela.”
13. Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.