19. Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na?
20. Ngalokho yehla, nkosi, uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukwehla, thina simkhaphele esandleni senkosi.”
21. USawule wathi: “Manibusiswe, ngokuba ningihawukele.
22. Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona, ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela.
23. Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”
24. Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane.
25. USawule nabantu bakhe baya ukumfuna. UDavide watshelwa; wehlela-ke eweni, wahlala ehlane laseMahoni. USawule ekuzwa, wamxosha uDavide ehlane laseMahoni.
26. USawule wahamba ngalapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe.
27. Kepha kwafika isithunywa kuSawule, sithi: “Shesha ufike, ngokuba amaFilisti angenele izwe.”
28. Wayesebuya uSawule ekumxosheni uDavide, wahamba ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSela Hamalekoti.*
29. UDavide wakhuphuka lapho, wahlala ezinqabeni zase-Eni Gedi.