10. Wayesethi uDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwa ukuthi uSawule ufuna ukuza eKeyila ukuba achithe umuzi ngenxa yami.
11. Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na? Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho.”Wathi uJehova: “Uyakwehla.”
12. Wayesethi uDavide: “Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?”Wathi uJehova: “Bayakukukhaphela.”
13. Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.
14. UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.
15. UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi.
16. Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu.