1 Usamuweli 23:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwabikwa kuDavide ukuthi: “Bheka, amaFilisti ayalwa neKeyila, aphanga izibuya.”

2. Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiye ngibulale lawo maFilisti na?”UJehova wathi kuDavide: “Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila.”

3. Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, siyesaba lapha kwaJuda; kakhulu kangakanani, uma siya eKeyila, silwe nezimpi zamaFilisti na?”

4. UDavide waphinda wabuza kuJehova. UJehova wamphendula wathi: “Suka wehlele eKeyila, ngokuba ngiyakunikela amaFilisti esandleni sakho.”

5. UDavide nabantu bakhe baya eKeyila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawaceka ngokuceka okukhulu. Wayesebasindisa uDavide abaseKeyila.

6. Kwathi lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.

7. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.”

8. USawule wabiza abantu bonke, baye empini, behlele eKeyila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe.

1 Usamuweli 23