1 Usamuweli 21:14-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na?

15. Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?”

1 Usamuweli 21