36. Wathi kumfana wakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo.” Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe.
37. Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo, uJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Umcibisholo awungaphambi kwakho na?”
38. UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Shesha, ukhawuleze, ungemi.” Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.
39. Kepha umfana wayengazi lutho; oJonathani noDavide kuphela babeyazi le ndaba.
40. UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.”
41. Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.