1 Usamuweli 20:31-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho. Ngalokho thumela umlethe kimi, ngokuba ungowokufa yena.”

32. UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulalelwani? Wenzeni na?”

33. USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.

34. UJonathani wasuka etafuleni evutha ulaka, akadlanga kudla ngosuku lwesibili lwenyanga, ngokuba wayenosizi ngenxa kaDavide, lokhu uyise emhlazisile.

35. Kwathi ekuseni uJonathani waphuma, waya endle ngesikhathi abasimisile noDavide, umfana omncane enaye.

36. Wathi kumfana wakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo.” Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe.

37. Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo, uJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Umcibisholo awungaphambi kwakho na?”

38. UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Shesha, ukhawuleze, ungemi.” Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.

39. Kepha umfana wayengazi lutho; oJonathani noDavide kuphela babeyazi le ndaba.

40. UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.”

41. Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

1 Usamuweli 20