1 Usamuweli 20:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”

2. Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”

3. UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”

4. UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.”

5. UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

6. Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: ‘UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.’

7. Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi.

8. Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”

9. UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?”

1 Usamuweli 20