9. “Uyakugcina izinyawozabathembekileyo bakhe,kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni,ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.
10. Abalwa noJehovabayakuphahlazwa;uyakuduma ezulwini phezu kwabo;uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba,anike inkosi yakhe amandla,aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”
11. U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi.
12. Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova.
13. Kwakungumthetho wabapristi kubantu ukuba, nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yompristi inyama isabila, iphethe ngesandla ingwegwe emazinyo mathathu,
14. ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekwenyusayo ingwegwe, umpristi wakuthatha. Benze njalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona.
15. Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.”