1 Usamuweli 2:24-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Hhayi, madodana ami, akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova.

25. Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.

26. Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu.

27. Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibithe besendlini kaFaro.

28. Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.

29. Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, udumise amadodana akho phezu kwami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israyeli, abantu bami, na?’

30. “Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.

31. Bheka, izinsuku ziyeza engiyakunquma ngazo ingalo yakho nengalo yendlu kayihlo ukuba kungabikho xhegu endlini yakho.

32. Uyakubona ukuhlupheka kwendlu yami kukho konke okuhle ayakwenzelwa khona u-Israyeli; akuyikubakho xhegu endlini yakho kuze kube phakade.

33. Kepha angiyikumnquma umuntu wakho e-altare lami ukuba aqede amehlo akho, abangele usizi umphefumulo wakho; yonke inzalo yendlu yakho iyakufa isebudodeni bayo.

1 Usamuweli 2