15. Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.”
16. Uma lowo muntu wathi kuye: “Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala, besewuthatha njengokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.”
17. Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova.
18. USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.
19. Futhi unina wamenzela ijazana, waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke.
20. U-Eli wabusisa u-Elkana nomkakhe, wathi: “UJehova makakunike inzalo ngalo wesifazane ngenxa yalokho uJehova atshelekwa khona.” Base bebuyela ekhaya.