1. UHana wakhuleka wathi:“Inhliziyo yami iyethaba kuJehova,uphondo lwami luphakeme kuJehova;umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami,ngokuba ngenama ngensindiso yakho.
2. “Akakho ongcwele njengoJehova,ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho;futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.
3. Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka,kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu,ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi;izenzo zilinganiswa nguye.
4. “Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe,kepha abakhubekayo babhinciswa amandla.
5. Ababesuthile baqashelwa isinkwa;ababelambile sebeyekile ukulamba;yebo, oyinyumba uzele abayisikhombisa;onabantwana abaningi uyawuma.
6. “UJehova uyabulala, abesephilisa;uyehlisela endaweni yabafileyo, abesenyusa.
7. UJehova uyaphofisa, abesecebisa;uyathobisa, abesephakamisa.
8. Uyamvusa ompofu othulini,uyaphakamisa impabanga ezaleni,abahlalise nezikhulu,badle ifa lesihlalo sobukhosi,ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova;ubekile izwe phezu kwazo.
9. “Uyakugcina izinyawozabathembekileyo bakhe,kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni,ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.