1 Usamuweli 19:7-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala.

8. Kwabuye kwaba khona impi futhi; uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela.

9. Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.

10. USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.

11. USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.”

12. UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka.

13. UMikhali wathatha itherafi,* walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.

14. Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: “Uyagula.”

15. USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: “Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.”

16. Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi* lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo.

17. USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na?”UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: “Wathi kimi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?’ ”

1 Usamuweli 19