7. UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala.
8. Kwabuye kwaba khona impi futhi; uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela.
9. Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.
10. USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.
11. USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.”
12. UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka.
13. UMikhali wathatha itherafi,* walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.
14. Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: “Uyagula.”
15. USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: “Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.”
16. Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi* lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo.
17. USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na?”UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: “Wathi kimi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?’ ”