12. UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka.
13. UMikhali wathatha itherafi,* walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.
14. Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: “Uyagula.”
15. USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: “Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.”
16. Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi* lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo.
17. USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na?”UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: “Wathi kimi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?’ ”