1 Usamuweli 19:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.

2. UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;

3. ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lapho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.”

4. UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;

5. wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”

6. USawule walilalela izwi likaJonathani; uSawule wafunga wathi: “Kuphila kukaJehova, akayikubulawa.”

7. UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala.

8. Kwabuye kwaba khona impi futhi; uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela.

9. Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.

10. USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.

11. USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.”

12. UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka.

13. UMikhali wathatha itherafi,* walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.

14. Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: “Uyagula.”

15. USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: “Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.”

1 Usamuweli 19