1 Usamuweli 18:7-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Abesifazane bavumelana ngokudlala, bathi:“USawule ubulele izinkulungwane zakhe,kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.”

8. USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.”

9. USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili.

10. Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.

11. USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.

12. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.

13. Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.

14. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.

15. Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba.

16. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayephuma engena phambi kwabo.

17. USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova.” Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.”

1 Usamuweli 18