1 Usamuweli 18:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. UJonathani wakhumula ingubo ayenayo, wayinika uDavide, nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande* lakhe.

5. UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.

6. Kwathi ekufikeni kwabo, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela besina, ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu, nangokuthokoza, nangezinkenenezo.

7. Abesifazane bavumelana ngokudlala, bathi:“USawule ubulele izinkulungwane zakhe,kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.”

8. USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.”

9. USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili.

10. Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.

11. USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.

12. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.

13. Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.

14. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.

15. Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba.

1 Usamuweli 18