1 Usamuweli 18:10-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.

11. USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.

12. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.

13. Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.

14. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.

15. Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba.

16. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayephuma engena phambi kwabo.

17. USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova.” Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.”

18. UDavide wathi kuSawule: “Mina ngingubani, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?”

19. Kepha kwathi ngesikhathi uMerabi indodakazi kaSawule ebeyakunikwa uDavide, wanikwa ku-Adriyeli waseMehola abe ngumkakhe.

20. UMikhali indodakazi kaSawule wamthanda uDavide; bamtshela uSawule, kwaba kuhle emehlweni akhe.

1 Usamuweli 18