50. UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.
51. Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.
52. Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGayi nasemasangweni ase-Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGati nase-Ekroni.
53. Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga ikamu* lawo.
54. UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe.
55. Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?”U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”
56. Yayisithi inkosi: “Buza wena ukuthi iyindodana kabani le nsizwa.”
57. UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti, u-Abineri wamthatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe.
58. USawule wathi kuye: “Uyindodana kabani wena mfana na?”UDavide waphendula wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”