45. UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.
46. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,
47. yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”
48. Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuhlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuhlangana nomFilisti.
49. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso.
50. UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.
51. Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.
52. Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGayi nasemasangweni ase-Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGati nase-Ekroni.
53. Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga ikamu* lawo.
54. UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe.
55. Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?”U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”
56. Yayisithi inkosi: “Buza wena ukuthi iyindodana kabani le nsizwa.”
57. UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti, u-Abineri wamthatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe.
58. USawule wathi kuye: “Uyindodana kabani wena mfana na?”UDavide waphendula wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”