4. Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla.
5. Wayenesigqoko sethusi ekhanda, egqoke ibhantshi lensimbi; isisindo sebhantshi sasingamashekeli* ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi.
6. Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe.
7. Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli* angamakhulu ayisithupha ensimbi; ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.
8. Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi kuzo: “Niphumelani ukuhlela impi na? Angisiye umFilisti, nina niyizinceku zikaSawule, na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi.
9. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.”
10. UmFilisti wathi: “Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.”
11. Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.
12. UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.
13. Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empini ayengu-Eliyabe izibulo, emelamayo ngu-Abinadaba, neyesithathu nguShama.
14. UDavide nguye owayengomncinyane; amathathu amakhulu amlandela uSawule.
15. UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema.
16. UmFilisti wasondela ekuseni nakusihlwa, wema khona izinsuku ezingamashumi amane.
17. UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa* lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu,
18. uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.”
19. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti.