35. ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayophula emlonyeni wakho; lapho kwangivukela, ngakubamba ngesilevu, ngakwahlula, ngakubulala.
36. Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”
37. UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.”USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”
38. USawule wamembathisa ezakhe izingubo, wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi.
39. UDavide wabhinca inkemba yakhe phezu kwezambatho zakhe, wazama ukuhamba, ngokuba wayengakazilingi. UDavide wathi kuSawule: “Anginakuhamba nalezi, angikazilingi.” UDavide wayesezikhumula.
40. Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.
41. Weza umFilisti, wafika wasondela kuDavide; umuntu ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.
42. UmFilisti esabuka wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka emuhle.
43. UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe.
44. UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.”
45. UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.
46. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,
47. yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”