18. uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.”
19. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti.
20. UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.
21. U-Israyeli namaFilisti bahlela impi, babhekana.
22. UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo.