1 Usamuweli 15:27-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka.

28. USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.

29. IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”

30. Wayesethi: “Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.”

31. USamuweli wabuya, wamlandela uSawule; uSawule wakhuleka kuJehova.

32. USamuweli wayesethi: “Lethani kimi u-Agagi inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi wafika kuye esasile.U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa udlulile.”

33. USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.

34. USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule.

35. USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa, kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.

1 Usamuweli 15