1 Usamuweli 15:21-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.”

22. USamuweli wathi:“UJehova uyenamela yiniiminikelo yokushiswa nemihlatshelo,njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na?Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

23. Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.*Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova,naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”

24. USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.

25. Ngalokho ake uthethelele isono sami, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova.”

26. USamuweli wathi kuSawule: “Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.”

27. USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka.

28. USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.

1 Usamuweli 15