19. Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”
20. USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.
21. Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.”
22. USamuweli wathi:“UJehova uyenamela yiniiminikelo yokushiswa nemihlatshelo,njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na?Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.
23. Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.*Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova,naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”
24. USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.