16. USamuweli wayesethi kuSawule: “Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobu busuku.”Wathi kuye: “Khuluma.”
17. Wathi uSamuweli: “Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli na? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.
18. UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’
19. Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”
20. USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.
21. Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.”
22. USamuweli wathi:“UJehova uyenamela yiniiminikelo yokushiswa nemihlatshelo,njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na?Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.
23. Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.*Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova,naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”
24. USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.
25. Ngalokho ake uthethelele isono sami, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova.”
26. USamuweli wathi kuSawule: “Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.”
27. USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka.
28. USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.
29. IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”
30. Wayesethi: “Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.”
31. USamuweli wabuya, wamlandela uSawule; uSawule wakhuleka kuJehova.
32. USamuweli wayesethi: “Lethani kimi u-Agagi inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi wafika kuye esasile.U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa udlulile.”
33. USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.
34. USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule.