1 Usamuweli 15:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. USamuweli wathi kuSawule: “UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova.

2. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo ku-Israyeli wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe.

3. Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”

4. USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda.

5. USawule wafika emzini ka-Amaleki, waqamekela esigodini.

6. USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.

7. USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe.

8. Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.

9. Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.

10. Lase lifika izwi likaJehova kuSamuweli, lithi:

11. “Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.

1 Usamuweli 15