1 Usamuweli 14:43-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. USawule wayesethi kuJonathani: “Ngitshele okwenzileyo.”UJonathani wamtshela wathi: “Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.”

44. USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”

45. Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi.

46. USawule wayesenyuka ebuya ekulandeleni amaFilisti; aya endaweni yawo.

47. USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.

48. Wenza okobuqhawe, wanqoba ama-Amaleki, wamophula u-Israyeli esandleni sabaphangi.

49. Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali.

50. Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.

51. UKishi uyise kaSawule noNeri uyise ka-Abineri babe ngamadodana ka-Abiyeli.

52. Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.

1 Usamuweli 14