4. Phakathi kwezintuba uJonathani afuna ukuwela ngazo ukuya ekhandeni lamaFilisti kwakukhona ugedla lwesiwa ngalapha nogedla lwesiwa ngalapha; igama lolunye laliyiBosesi, negama lolunye laliyiSene.
5. Olunye ugedla lwaluphakeme ngasenyakatho phambi kweMikimashi, nolunye ngaseningizimu phambi kweGeba.
6. UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”
7. Ophethe izikhali zakhe wathi kuye: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho: hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.”
8. Wayesethi uJonathani kuye: “Bheka, siyakuwela, siye kulabo bantu, sizibonakalise kubo.
9. Uma bethi kithi: ‘Hlalani size sifike kini,’ khona siyakuma endaweni yethu, singenyukeli kubo.
10. Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sethu; lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi.”
11. Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti; amaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.”
12. Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba.”UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”
13. UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.
14. Lokho kuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye-eka* lensimu.
15. Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.
16. Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.
17. USawule wayesethi kubantu ababe naye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi.” Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.
18. USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli.
19. Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu* lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: “Susa isandla sakho.”
20. USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.