1 Usamuweli 14:37-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: “Ngehle ngilandele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sakwa-Israyeli na?” Kepha akamphendulanga ngalolo suku.

38. USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.

39. Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u-Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.

40. Wayesethi ku-Israyeli wonke: “Buyelani nganhlanye nina, mina noJonathani indodana yami siyakubuyela nganhlanye.”Abantu bathi kuSawule: “Yenza okuhle emehlweni akho.”

41. Ngalokho uSawule wathi kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli: “Malivele iqiniso.” OJonathani noSawule badliwa yinkatho, kepha abantu baphunyuka.

42. USawule wathi: “Yenzani inkatho phakathi kwami noJonathani indodana yami.” Wadliwa uJonathani.

43. USawule wayesethi kuJonathani: “Ngitshele okwenzileyo.”UJonathani wamtshela wathi: “Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.”

44. USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”

45. Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi.

46. USawule wayesenyuka ebuya ekulandeleni amaFilisti; aya endaweni yawo.

47. USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.

48. Wenza okobuqhawe, wanqoba ama-Amaleki, wamophula u-Israyeli esandleni sabaphangi.

49. Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali.

1 Usamuweli 14