5. AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.
6. Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.
7. NamaHeberu ayewelile iJordani ukuya ezweni lakwaGadi nakwelakwaGileyadi; kepha uSawule wayeseseGiligali; abantu bonke bamlandela bethuthumela.
8. Wahlala izinsuku eziyisikhombisa njengesikhathi esimisiwe nguSamuweli, kepha uSamuweli akafikanga eGiligali; abantu bahlakazeka kuye.
9. USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa.
10. Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele.
11. USamuweli wathi: “Wenzeni na?”USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi,
12. ngathi: ‘Manje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga;’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”
13. USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade.
14. Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”
15. USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.