20. Bonke abakwa-Israyeli behlela kuwo amaFilisti, kwaba yilowo nalowo ukuba alole umese wakhe, nempumulo yakhe, nembazo yakhe, nesikela lakhe;
21. imali yayiyipimi* ngezimpumulo nangezimfoloko, nenxenye yesithathu yeshekeli* ngezimbazo nangokulungisa izincijo zezinkabi.
22. Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonathani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.
23. Ikhanda lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni yaseMikimashi.