1 Usamuweli 13:11-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. USamuweli wathi: “Wenzeni na?”USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi,

12. ngathi: ‘Manje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga;’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”

13. USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade.

14. Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”

15. USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.

16. OSawule noJonathani indodana yakhe nabantu ababe naye bahlala eGeba lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMikimashi.

17. Abaphangi baphuma ekamu* lamaFilisti ngezigaba ezintathu; esinye isigaba sahamba ngendlela eya e-Ofira ezweni laseShuhali;

18. esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.

19. Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.”

20. Bonke abakwa-Israyeli behlela kuwo amaFilisti, kwaba yilowo nalowo ukuba alole umese wakhe, nempumulo yakhe, nembazo yakhe, nesikela lakhe;

21. imali yayiyipimi* ngezimpumulo nangezimfoloko, nenxenye yesithathu yeshekeli* ngezimbazo nangokulungisa izincijo zezinkabi.

22. Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonathani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.

23. Ikhanda lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni yaseMikimashi.

1 Usamuweli 13